I-Durban Moment

NgoLwesithathu olwedlule, izinkulungwane zabasebenzi zingene emigwaqweni njengengxenye yesiteleka sikazwelonke se-SAFTU (South African Federation of Trade Unions). Inyunyana ibibhikishela u-R20 ohlongozwayo weholo likazwelonke elisethulwayo njengamanje. Baqophe  umlando abasebenzi ngokugodla amandla abo okusebenza ukuze bathuthukise izimo zabo zokusebenza, ngamazinga ahlukene empumelelo. NgoJanuwari 1973, imashi yabasebenzi abangu-2000 besuka e-Coronation Brick and Tile beya enkundleni yebhola eliseduze kwaba isiteleka […]